Izwi Lama Kristu

  • Uploaded by: Banjani Zuma
  • 0
  • 0
  • April 2020
  • PDF

This document was uploaded by user and they confirmed that they have the permission to share it. If you are author or own the copyright of this book, please report to us by using this DMCA report form. Report DMCA


Overview

Download & View Izwi Lama Kristu as PDF for free.

More details

  • Words: 450
  • Pages: 1
Izwi Lama-Krestu lifana nethonsi lamanzi olwandle!...Kungani? UHulumeni kanye nezombangazwe; ubu-Kristu kanye nesisekelo sabo esiyi-Qiniso konke lokhu kuyimibuso emibili ehlukahlukene yingakho kuhlale kukhona ungaboni ngasolinye ngasosonke isikhathi lapho kwethulwa noma kuchitshiyiyelwa imithetho elawula izwe. Ekujuleni kwembangela yokungaboni ngasolinye kwalezinhlangothi zombili kukhona ukungami entweni eyodwa noma ukuguquguquka kwemithetho eshaywa nguHulumeni waseNingizimu ne Afrika; lokho kuvamise ukubonakala ngenkathi uma into “elungile” ilungile namhlanje ngoba kuhambisana nomuntu othile noma abantu abathile; ebese kuthi ngosuku olulandelayo iphendulwa ibe “ngengalungile” uma kungasahambisani nomuntu noma abantu abathize.( okuwukungamukeleki kweqiniso ngendlela elibaba ngayo.) Lokhu kuyinto eyenzeka njalo-njalo kuhle konwabu olushintsha-shinstha njalo kuze kube… Ngekhathi kwenzeka konke lokhu ama-Kristu wona asuke esalokhu emi eZwini okuyilona elalikhona ekuqaleni nokuseyilo manje nelisazoqhubeka libe yilo kube phakade naphakade. Kodwa ekupheleni kosuku imizamo yama-Kristu yokumelana nokudukiswa kwesizwe okubangwa ukungami eQinisweni lona lodwa kwemithetho eshaywa wuHulumeni igcina ifana nethonsi lamanzi olwandlekazi… Umbuzo osalayo uthi kungani?

Uma izwi noma uvo lwamaKristu lungalinganiseka nethonsi lamanzi olwandlekazi; angabe lokho kusho ukuthi imibhalo engcwele ngokuka: Mathewu 5:14-16 ifile? Qha, akunjalo neze: 2UThimothewu 2:13; 3:16. Nakuba iqiniso elithi ama-Kristu awabambene nagazi nanyama, nokuthi izimpi awazilwayo awazilwi ethembele emandleni avela emzimbeni; okubuhlungu ngalokhu wukuthi akhanda ingxenye enkulukazi yomphakathi. Kodwa nakhona lapho, kungani ubumnyama nobuhlungu obumayelana nemithetho engalungile kwanda kangaka? Kungani labo imithetho emibi le abayivumayo nefezeka ngabo bangabi nanembeza nachashazi enhlizwiyweni yabo ngenkathi beyithokezela? Angabe ama-Kristu lapha emhlabeni aziveza eyiwo ngampela yini UMZIMBA kaKristu abaziwa ngawo? Cha, akubukeki kunjalo nakuba ekhuluma kakhulu ngalokho sengathi kunjalo. Isizathi salokho kungawukuthi acabanga ukuthi asenze konke mayelana nokuveza uMbuso kaNkulunkulu; futhi acabanga ukuthi isinyathelo esisele esokuthi kubuye uJesu ezowalanda. Ubani ozogqugquzela bani ukuthi enzeni ukuze kwakhiwe UMZIMBA KAKRISTU? UKUKHANYA KUKHANYA KUPHELA UMA KUSEBUMNYAMENI. (Ukukhanya kwezwe ( ama-Kristu). Nina ningukukhanya kwezwe. NgokukaMathewu 5:14)

Ngenkathi imithetho kaHulumeni iphambuka eQinisweni idukisa iningi labantu ibathathe ibafake emgodini ongenamkhawuko.

Kusizani uma ukukhanya kukhanya emini kuphela ebese kuba ngaphansi kwesitsha uma sekuvele ubumnyama obudalwa yimithetho engalungile elawula izwe?

Nakuba ubu-Kristu bungadalelwe ukudiliza nokulwa nombuso kaHulumeni kanye nezombangazwe ezihambisana nawo, kodwa umbuzo osala ungaphendulekile yilo wokuthi: “Kungani izwi lama-Kristu lifane nethonsana nje lamanzi olwandlekazi?”

Usizani usawoti uma uhlala esitsheni sawo ibandla ekubeni ngaphandle kukhona ubuhlungu obudalwa: ubuphofu, ubuntandane, izingane ezihlala emigaqweni, ukucwila ezidakamizweni nasophuzweni olunamandla nokunye okuning?

(UkuKHANYA kwezwe. NgokukaJohane8:12) Kumele kwenziweni? Url: www.nationachrial.wetpaint.com or http://sites.google.com/site/internationachristianalliance Uqhathanisa nebandla eliqanjwe igama E-mail: [email protected] or [email protected] nelikhuluma ubunye kakhulu. Ukukhanya kwenzwe (ngokukaMathewu 5:14) kusilelwe yinto eyodwa okumele kuyenze, lokho Nakuba uhulumeni eneminyango eminingi ukuphakamisa UKHANYA kwezwe okukhulunywa ngaphansi kwakhe, ukusebenza kwawo ngakho 8:12,28) njengomzimba munye kwenza kube lula ukuthi Url:(kuJohane www.nationachrial.wetpaint.com or http://sites.google.com/site/internationachristianalliance ubhekane nezinkinga zezinhlobo ezahlukahlukene E-mail: [email protected] or [email protected] ngesikhathi esisodwa njengokubhekana nezinkinga eziqondene nezempilo uphinde ubhekane nezemfundo ngesikhathi esisodwa. UMzimba wakhiwe wuhlaka lwamathambo Ubhekane nezokuphepha uphinde ubhekane Url: www.nationachrial.wetpaint.com or http://sites.google.com/site/internationachristianalliance nezomnotho ngesikhathi esisodwa. E-mail: [email protected] or [email protected]

uMzimba kaKristu.

Related Documents

Izwi Lama Kristu
April 2020 13
Legende O Kristu
November 2019 8
Dalai Lama
October 2019 43
Dalai Lama
November 2019 32

More Documents from "Philipa Palma"