Kumele Ngenze Njani Uma Ngingasazi Ukuthi Ngenze Njani

  • Uploaded by: Banjani Zuma
  • 0
  • 0
  • June 2020
  • PDF

This document was uploaded by user and they confirmed that they have the permission to share it. If you are author or own the copyright of this book, please report to us by using this DMCA report form. Report DMCA


Overview

Download & View Kumele Ngenze Njani Uma Ngingasazi Ukuthi Ngenze Njani as PDF for free.

More details

  • Words: 1,297
  • Pages: 8
Kumele ngenze njani uma ngingasazi ukuthi ngenze njani? Akusiyona inkinga yomuntu oyedwa ukuthi uyohlupheka kuze kube nini? Isikhathi esiningi lombuzo uvamise ukuthi uvuke kumuntu othi edlula enkingeni ebe engena kwenye, kwesinye isikhathi izinkinga zisuke zimbondelana phezu kwakhe ngokungabi naluzwelo, enye phezu kwenye ingakapheli. Uma unombuzo ofana nalowo , inkinga enkulu osuke ubhekene nayo kusuke kungeyona inkinga, kodwa kahle kahle inkinga kusuke kuwungazi ukuthi kumele wenze njani noma kusuke kuwukuthi awunawo amandla okulawula leyonkinga. Isikhathi esiningi uma umuntu esehlupheke isikhathi eside emhlabeni kuyamdida engqondweni; into esuke imdida wukuthi akasazi naye ukuthi kumele enze njani. Yiwo kanye umbuzo okufanele uthi uqeda ukufunda lendaba ube usuphendulekile empilweni, ngoba ukungabi bikho kwempendulo yalombuzo kwenza abantu abaningi bengabe besasibona isidingo nobumnandi bokuphila. Uma amafu egcwele imvula, ayayithumela emhlabeni; futhi uma uwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho. Umshumayeli 11:3

Izinkinga zehlela abakholwayo nabakholwayo ngendlela efanayo. Abantu abaningi baze bathi izinkinga zibehlela ngoba bengakholwa, kanti ngakwenye ingxenye, abakholwayo nabo bazibuza umbuzo wokuthi : “ Ngiyakholwa , ngiyamthandaza uNkulunkulu kanti ngihlushwa yini?”

Iyodwa into eba wumehluko uma lezizinkinga zibehlela, lokho wukuthi : Okholwayo wenzenjani uma esenkingeni ; kanjalo nongakholwa

wenze njani uma ehlelwa izinkinga. Kodwa ukuthi zehlela bani ziyeke bani akusiwona umbuzo ongazibuza wona lowo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, phakathi kwabo abakholwayo nabangakholwayo; akekho obeka uNkulunkulu icala ukuthi uyiniselani imvula ngoba yena akanaphahla lokufihla ikhanda. Lokho kwenziwa wukuthi bonke bayaqonda ukuthi isizathu sokuna kwemvula akusisona esokubhubhisa kodwa ukuletha impilo kubo bonke. Nakuba ingafika kabuhlungu imvula, kodwa azikho izidlo ezitshaliwe ezingamila imvula ingananga. Kanjengoba imvula iletha ukuphila , kanjalo nezinkinga ziyimvula eyenza ukuthi impilo isimame, kodwa uma kungaqondekanga lokho, iphenduka ibe sengathi iyimbubhiso.

Kunemibuzo emibalwa okudingeka ukuba iphenduleke ngaphambi kokuthi ukwazi ukumelana nezinkinga Isixwayiso! Kunabantu abaqhubeka nokona ngenxa yokungazi ukuthi bayona ngoba bakhula ngaphandle kokuthi batshelwe iqiniso ngezinto ezifanele nezingafanele, futhi –ke lolohlobo lwabantu akulula lubone uma selujeza ukuthi lujezela ukona kwalo.ngakho-ke kubalulekile ukwazi ukuthi wenzeni uma ujeza noma wehlelwa yizinto. Nazi izinto ezenza umuntu angakwazi ukumelana nezinkinga abhekene nazo empliweni yakhe: Okokuqala ; Ukungazi ukuthi yingani esenkingeni Zimbili izizathu umuntu angazingenela enkingeni, ekuhluphekeni, osizini noma ebuhlungwini;

Esokuqala Kusuke kuwukujeza ngesono umuntu akasenzile;

Uma umuntu esejele azi kahle ukuthi wonile lokho kumenza aqonde abese emukela ukuthi kufanele amukele isigwebo asinikiwe ngenxa yokona kwakhe. Ngaleyo ndlela uyalinda size siphele isigwebo sakhe ngaphandle kokukhala nokumangala. Akunandaba ukuthi umuntu ungamjezisa kanganani uma azi ukuthi ukujeza kwakhe ngamacala akhe kuzoqeda amacala akhe ebese eba ngokhululekile. Kuhle kuyancameleka ukuthi umuntu ajeze ejezela amacala akhe kunokuthi aphile njengenyamazane, ahlale ehlathini, ahlale engalele abanye abantu belele, kwesinye isikhathi aze agule eguliswa wukuthi unecal ngoba umphefumulo onecala awukutholi ukuphumula. Akusizi ukubalekela icala lakho ekubeni uzohlala ungakhululekile impilo yakho ngoba ngisho ungazama ukuzibulala , akukho ukuphumula nokuthethelelwa kwezono ngaleya kwethuna, ungcono ngisho nomuntu obekelwe ukuthi ahlupheke iminyaka eyishumi , kunomuntu ozibulele ngoba ukuphumula akasayobuye akuthole nanininini… NokukaLuka 16:23-31 Uma umuntu owoniwe kungacelwanga intethelelo kuye, inhliziyo yakhe iyaqhubeka nokugaya izibozi, kodwa lokho kusuke kungasho ukuthi akanakulesula icala lakho uma ulivuma ucela intethelelo. Siyanda isigwebo uma icala lingathethiwe. Pho ngingaphuma kanjani kweyami inkinga na, lingathethwa kanjani elami icala nami ngikhululeke ngisaphila na? Uma umuntu evuma icala lakhe kwamonileyo, uyakhululwa. NgokukaJohane1:29 ,1KaJohane1:7 Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. KwabaseRoma10:9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo,uyakusindiswa; Uma wonile isijeziso nosuku lokwahlulelwa luhlale lukulindele

(EkaJokobe 1:14, KwabaseRoman 6:23 Nkokuba inkokhelo yesono ingukufa,kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu uJesu iNkosi yethu.) Kodwa uma utholane nomkhululi uyakhululwa ekwahlulelweni kwakho. Nokungakholwa kuJesu kuyicala elilinde isijeziso. Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezwelwe yodwa. NgokuJohane1:18 Esesibili kusuke kuyizimo ezisuke zizompheka zimphekela ukuthi abe wumuntu ongcono kusasa. Kwesinye isikhathi singasho nokuthi kusuke kuwudiliza udongakazi oluvimbe impumelelo yakho, lokho akwenzeki ngaphandle kwezinhlungu emoyeni noma emzimbeni wakho. Kunjengoba ungeke walithola igolide ungambanga wafika ekujuleni komhlaba.

Ukuthi zimehlele yini umuntu izinkinga noma cha akusiwo umbuzo lowo, kodwa umbuzo wukuthi enze njani lapho sezifika ziza njengemvula phezu kwawo wonke umuntu. Ukuze isithombo sikhule , siyasidinga isimo esishisayo okuyilanga, kanjalo nemvula . Uma wehlelwa ukushisa, uphinde wehlelwe yimvula, ubojabula sithombo ngoba ayikho indlela oyokhula ngayo ngaphandle kwaleyo. Noma ngabe kwehla imimoya bambelela kuwo lowo mhlabathi otshwalwe kuwo. Futhi ayikho indawo encono lapho zingekho khona izinkinga , kuhle ujwayele indlela ophila ngayo uma zikwehlela ukhona khona lapha okhona. Ngeke kukusize ukuzibulala, kunalokho kuyovula amathuba okuhlupheka imihlangemihla okungeke kusaqedwa muntu ngaphandle kokuhlala khona kungasentando yakho. Kanti futhi alikho iqanda elichamiseleka lingakutholanga ukushisa empilweni yalo. Bazalwane bami nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kunguthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa

kwenu kuveza ukukhuthazela. EkaJakobe1:2-3 Okwesibili Wukungazi ukuthi kungani ephila kulomhlaba, noma kuwungazi iphupho uNkulunkulu analo ngaye okumele ulihluphekele ukuze ufinyelele kulo. Akumnikezi inkinga umuntu okhululelwe uma ehlelwa yimisiko ngoba uyazi ukuthi imisiko ayibi khona ingekho ingane esendleleni ukuthi izalwe. Ukwanda kwemisiko kusho ngokusobala ukuthi isikhathi sokuzalwa kwengane sesisondele, ngakho-ke uma izinhlungu ziba zimbi kakhulu, lokho kumnikeza ithemba ukuthi ingane isingafika noma nini, lokho kwenza abakezele noma kungasavumi. Akekho umuntu ongazibulalela ukuthi uphethwe yimisiko ngoba usuk e azi ukuthi yingani imphethe. Futhi akekho umuntu ongazelaphela imisiko ngoba uyazi ukuthi izophela nini. Noma izinhlungu zingangakanani , kodwa ukwazi ukuthi lezo zinhlungu zilethwa wukuza kwengane kwenza ukuthi abakezele. Uma iphupho obulikhulewe iminyaka ngeminyaka wazi noma ungazi , uma sekufika isikhathi sokulizala, ngeke ulizale ungadlulanga emisikewni yalo. Uma lilikhulu kakhulu kungenzeka usikwe nokusikwa ngenxa yalo. Kubalulekile ukujabulela okulethwa zinhlungu kunokunaka izinhlungu. Okwesithathu Kuwungalazi ikusasa ngalokhu kuhlupheka abhekene nakho njenga manje nokungazi ukuthi kukhonani ngale kwezinhlupheko abhekene nazo namhlanje. EkaJakobe1:12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwemukeliswa umqhele wokuphila othenjiswe yiNkosi kwabayithandayo.

Sifana nebhodwe elisemlilweni onkuni zalo yizinhlupheko Into eyenza abantu baphume ebhodweni bengakabi yinto enambithekayo nedlekayo emlonyeni kaNkulunkulu nezwe,wukungazi ukuthi baphekelweni. Futhi izinhlupheko ziyizithunywa ezihambisa umlayezo wezinga lokukholwa; ukukholwa okuyikhona okuthi uma kukhula kuchaze izinga lukusondelana noNkulunkulu. wukuthi abasazi isizathu sokuhlupheka kwabo, nokuthi bahlushwa wubani, nokuthi ukuhlupheka kwabo kuzothatha isikhathi esingakanani nokuthi isiphetho sokuhlupheka kwabo siyini. 1KaPetru5:8-10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisikelele. Pho sikuphi isidingo sokuthi ukhale kangaka uze ufune ukuzibulala? Lokuhlupheka obhekene nakho ngiyavuma kunzima khona , kanti futhi indlela okunzima ngakhona angathi kade kwakuqala angathi futhi kuyoba khona impilo yakho yonke, kodwa incwadi okwesikhashan, emva kwakho uzobe usuphumelela, uqiniswe, usikelwelwe unikezwe ngisho namandla. Isiphetho sempi obhekene nayo asiyiso isiphetho sempilo yakho , eyakho impilo izoqhubeka emva kwalesisimo. Noma ngabe untshontshelwe izinto ozisebenzele kanzima iminyaka, kodwa amandla okuqala kabusha awantshontshiwe wona. Noma ngabe uhanjelwe uthandiweyo wakho, isiphetho samandla lapho kuvela khona zonke izinto asivalekile sona. Bayakuzonda bonke abantu emhlabeni, bakushiyile, bayakucwasa, kodwa uyathandwa ekhaya ezulwini. Noma ngabe awunabani ongaxoxa naye akuthande, kodwa unaye Baba wethu osezulwini. Finyelela eqophelwenilokumelana nokwehlula ubuhlungu ubenze bube ngaphansi kwakho ukuze uzophila bukhona noma

bungekho. Kakade ukuze ubuse kumele kube khona inkosi ozoyehlula ube wumbusi wayo ubuse phezu kwayo.

Okwusine Ukungaqondi ukuthi uwubani, ungokabani , uhleli kuphi kungadala inkinga enkulu empilweni yakho. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo izwe nabakhileyo kuwo. Ihubo24:1 Kuyinkinga ukuphila emhlabeni zsezweni kaJehova uphile ngezinto zikaJehova, uphefumule umoya kaJehova, kodwa uziphilele wena uzenzele eyakho intando ephambene nentando akayibhale eZwini lakhe elingcwele. Uma uphila kanjalo awunamuntu ongakhala kuye lapho izinto zingasakuhambeli kahle. Okokugcina Ukungazi ngemigomo yomhlaba ohleli kuwo kungenza kube muncu ukuphila kwakho ekugcineni kwayo yonke impumelelo yakho. UNkulunkulu ungumnini wamandla onke, ngakho-ke akatatazeliswa yizimo ezisemhlabeni asikho nesisodwa esingamphamba. Inja ikhonkotha ize ize ngejubane ngoba isaba ukuhlala nalesisimo esiphambi kwayo. Kodwa uNkulunkulu akatatazeli ngoba uyazi ukuthi akukho okumehlulayo yingakho engenankinga nezinkinga ezisemhlabeni. Ukuba uyazesaba angabe sewaziqeda ebona ukuthi ziyomjikela ngelinye ilanga uma seziningi kakhulu. UNkulunkulu uyazi ngezinkinga obhekene nazo nalezo osazobhekana nazo yingakho ethi:

“Noma udabula emalangabini omlilo, ngiyoba nawe”

Ngamanye amzwi uyisiqiniseko sokuthula ezivunguvungwini, nesiqiniseko sokuphila ekufeni, nesiqiniselo sokunqoba ekwahlulekeni kwakho. Ushadraki NoMeshacki NoAbedinigo bakhungela emlilweni ukumelela uJehova othembekile Ukwenyuka kwamazinga okushisa empilweni yakho akusho ukuya nokuya kuphela ngawe kodwa kusho ukuya nokuya usondela ekunqobeni kwakho. Ukujula komlilo kuyilapho uNkulunkulu ekhona.

Sivakashele: http://sites.google.com/site/internationalchristianalliance

[email protected]

Related Documents

+ Uma
October 2019 50
Uma
October 2019 50
Era Uma Vez Uma Couve
October 2019 32
Uma Etnopedagogia
August 2019 27
Uma Capa
June 2020 12

More Documents from ""